Izilwane zasendle ngolimi lwebele
Ukunikezwa kwemvumo

Uyamenywa ukuba ube yingxenye yocwaningo oluphenya ubudlelwano phakathi kwesikompilo lwase Ningizimu Afrika nezilwane zasendle. Lolu ucwaningo lwezifundo zobuDokotela zika Fortunate Phaka wase North-West University (Inyuvesi yase North-West) nase Hasselt University (neNyuvesi yase Hasselt). Lemibuzo ingase ithathe imizuzu eyishumi nanhlanu (15) ukuyiphendula. Uyacelwa ukuba ufunde imininingwane ebhalwe lapha, iyona ezokuchazela okuqukethwe ilolu cwaningo. Ungambuza umcwaningi ngemibuzo yalolu cwaningo ongayiqondi kahle, ungasebenzisa imininingwane yokuxhumana naye ebhalwe lapha. Kubalulekile ukuthi ugculiseke, nokuthi uqondisise ukuthi lolu cwaningo lukhuluma ngani nokuthi wena ubandakanyeka kanjani. Uyavolontiya ngokuba yingxenye yalolu cwaningo. Unganqaba ukuba yingxenye lalolu cwaningo noma uyeke ukuphendula imibuzo nganoma isiphi isikhathi. Awuvumelekile ukuba yingxenye yalolu cwaningoo uma uneminyaka engaphansi kweshumi nasishiyagalombili (18).


Uma uvuma ukuba yingxenye yalolu cwaningo, kulindeleke ukuthi uphendule imibuzo ngosikompilo lwakho nezilwane zasendle. Imiphumela izoshicilelwa emaphepheni esayensi, encwadini yocwaningo nasencwadini. Lolu cwaningo luzoba nomthelela ukugcinweni yolwazi lwamasiko, izimpendulo zababe ingxenye yocwaningo zizobhalwa encwadini yosikompilo lwase Ningizimu Afrika nezilwane zasendle. Le ncwadi izobhalwa ngezilimi zaseNingizimu Afrika. Ngeke ubuzwe igama lakho ukuze kuzokhuselwa ukuthi ungubani. Ukuqinisekisa ukuthi akuphindaphindwa abantu, sizocela inombolo yakho yocingo noma imininingwane ye imeyil, ngeke sizisebenzise ukuxhumana nawe. Akekho ozokwazi ukuthi ungubani nokuthi iziphi izimpendulo zakho, futhi akekho ozokwazi ukuthi ubuyingxenye yalolu cwaningo.


Igama lomcwaningi: Fortunate Mafeta Phaka
Inombolo yocingo: 0658563696 (WhatsApp)
i-imeyl: wild@wildvernac.org

Sign in to Google to save your progress. Learn more
IMVUMO: Uyacelwa ukhethe okukhethayo ngezansi. Ungazigayela ikhophi yalelifomu lemvumo uzigcinele lona. *
Yebo.
Uneminyaka eyishumi nesishiyagalombili(18) noma ngaphezulu
Uyifundile imininingwane engenhla
Uyavuma ukuthi ube yingxenye yalolu cwaningo
Next
Clear form
Never submit passwords through Google Forms.
This content is neither created nor endorsed by Google. Report Abuse - Terms of Service - Privacy Policy